IKhabhinethi igxeka ukuqokwa kuka Motsoeneng kwesinye isikhundla

Isambane News 14433114_350482658623748_8616350213294229736_n-300x199 IKhabhinethi igxeka ukuqokwa kuka Motsoeneng kwesinye isikhundla  Isambane

IKhabhinethi isikugxekile ukuqokelwa kwesinye isikhundla kwalowo obeyi-COO yeSABC, u Hlaudi Motsoeneng, yathi kuwukungahloniphi umthetho.

IKhabhinethi inxuse iSABC ukuthi ihloniphe isinqumo seNkantolo eNkulu yezokudluliswa kwamacala ekusingatheni udaba lukaMotsoeneng.

Le nkantolo yaqinisekisa isinqumo seNkantolo eNkulu ngaphambilini eyathola ukuthi ukuqokwa kwaMotsoeneng kwakungenasizathu futhi kwakungekho emthethweni.

Phezu kwalezi zinqumo zezinkantolo iSABC kuleli sonto iqoke uMotsoeneng kwesinye isikhundla sokuba yi-Group Executive of Corporate Affairs.

Related posts

Leave a Comment