‘Inkulumo yeSilo ngabokufika kuleli yayingenayo inzondo’

Isambane News 14446228_350467618625252_1249386212308418617_n-205x300 'Inkulumo yeSilo ngabokufika kuleli yayingenayo inzondo'  Isambane

‘Inkulumo yeSilo ngabokufika kuleli yayingenayo inzondo’

ISouth African Human Rights Commission ithole ukuthi amazwi ashiwo yiSilo uGoodwill Zwelithini ngabokufika ayengenayo inzondo.

Ikhomishana ithi nakuba amazwi eSilo elumela, akukho ukuhlobana kwawo nezehlakalo zokuhlaselwa kwabokufika, okwashona kuzona abantu abayisikhombisa.

Ikhomishana ibiyethula umbiko kulandela uphenyo ngamazwi eMbube.

Ikhomishana yathola izimangalo ezingu-31 kulandela inkulumo yeSilo ngoMashi ngonyaka odlule.

Abafaka izimangalo babekhala ngokuthi inkulumo yeSilo iyona eyaholela odlameni olwalubhekiswe kwabokufika KwaZulu-Natal olwagcina selubhebhethekele naseGauteng ngasekuqaleni konyaka ka-2015.

Related posts

Leave a Comment