Izitshudeni eUniversity of Johannesburg zithi zizoqhubeka nokubhikisha

Isambane News 14519798_350417245296956_8281384090105097961_n-300x225 Izitshudeni eUniversity of Johannesburg zithi zizoqhubeka nokubhikisha  Isambane

Izitshudeni eUniversity of Johannesburg zifunge zagomela ukuthi zizoqhubeka nombhikisho wabo we feesmustfall kuze kube ukuthi abaphathi benyuvesi bayazilalela izimfuno zabo.

Inyuvesi yase Johannesburg nayo kulelisonto ihlanganyele namanye amanyuvesi kumbhikisho we feesmustfall.

Lezitshudeni zithi abaphathi balenyuvesi bazithela ngabandayo kuloludaba.

Inyuvesi isitshale onogada kuwona onke amakhemphasi ukuze bezoqhapha kunoma isimo esiyingozi esingahle siqubuke kanti izolo bekunezinxushunxushu ekhempasini ese Auckland park.

Umongameli we SRC eUJ uOnwabile Lubhelwana uthi bazophazamisa ukufunda nokufundisa njengalkhu besaqhubeka nokubonisa ukungahjabuli kwabo ngesinqumo sokwenyuswa kwezimali ezizokhokhwa emanyuvesi ngonyaka ozayo

Related posts

Leave a Comment