Webelwe u-R83 000 uMadikizela-Mandela

Isambane News 14522744_350418915296789_7599513900298834391_n-300x169 Webelwe u-R83 000 uMadikizela-Mandela  Isambane

Iqhawe lomzabalazo uWinnie Madikizela-Mandela uvule icala lokwebelwa ngemuva kokulahlekelwa yimali engu-R83 000 yesipho sangosuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesine.

Amaphoyisa ase-Orlando East akuqinisekisile ukuthi uMadikizela-Mandela uvule icala izolo kodwa awazange afune ukwenaba ngemininingwane.
uMadikizela-Mandela ubone ukuthi imali ayisekho ngesikhathi ethatha isikhwama ku-wardrobe emzini wakhe efuna imali yesinkwa.

UMadikizela-Mandela wathola imali engafinyelela ku-R83 000 ngosuku lokuzalwa kanti kuthiwa ubehlela ukuyoyifaka ebhange maduzane.

Related posts

Leave a Comment