Namanje akukakholakali ukuthi akasekho emhlabeni uNcwane

Isambane News 15326441_1255516031177201_3652301382822988095_n-300x200 Namanje akukakholakali ukuthi akasekho emhlabeni uNcwane  Isambane

Inkonzo yomngcwabo Sfiso Ncwane ibibanjelwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Le nkonzo ishayelwe ngokubambisana nguDudu Khoza noLinda “Mr Magic” Sibiya, abalandeli bakaNcwane badele imvula bayovalelisa iqhawe labo.

IMeya yeTheku uZandile Gumede ukhulume wathi uNcwane ulifukule kakhulu iTheku ngomculo wakhe onikeza ithemba futhi obududuza.

“Ngithanda ukukhalisana nomndeni kanye nonkosikazi wakhe abemthanda kakhulu, u-Ayanda. Izinhliziyo zethu zephuke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni.

“USfiso ubenikela kakhulu emphakathini futhi ubeyazi inkonzo yokuxolelana. Uhambe emhlabeni esekulungisile konke,” kuqhuba uGumede.

“Sizoqhubeka nokweseka abaculi baKwaZulu-Natal, ikakhulukazi ngoba bangamanxusa esifundazwe.

“Angingabazi ukuthi iculo elizohlukanisa unyaka lizophuma la eThekwini,” esho, kwalandela inhlokomo.

“Hamba kahle Ncwane, Manzini, Gwabini. Hamba kahle sosha lethu.”

Umphathi wohlelo uKhoza ubelokhu encome uNcwane ngentobeko nangokufukula indawo yangakubo uMthwalume.

Umalume kaNcwane, uMduduzi Ncwane, uthe bewumndeni balahlekelwe kakhulu ngokuhamba komshana wakhe.

“Sizomkhumbula kakhulu umshana. Siyabonga kakhulu ngokwesekwa esikutholile singumndeni kusukela sizwe izindaba zokudlula kukamshana.

“Namanje asikakholwa ukuthi ngeke siphinde sisambona. Sibuhlungu kakhulu,” esho.

Related posts

Leave a Comment