Ucela imithandazo uLundi oxinwe ukugula

Isambane News IMG_18427560320712-281x300 Ucela imithandazo uLundi oxinwe ukugula  Isambane

Isambane News IMG_18427560320712 Ucela imithandazo uLundi oxinwe ukugula  IsambaneIsambane News IMG_18427560320712 Ucela imithandazo uLundi oxinwe ukugula  IsambaneUgcine ephefumlile umculi weGospel uLundi Tyamara weculo Mphefumulo Wami wacela imithandazo njengoba ebanjwe ‘wumkhuhlane’ omubi.

ULundi waqala ukuxinwa yilo kugula ngesikhathi eseChina eyonandisa khona emasontweni ambalwa edlule emcimbini obizwa ngeLimbo.

Abagqugquzeli balo mcimbi bamtshela ukuthi kuyashisa kanti yena uzofika kumakhaza, kuyisebusika.

Uthi wacula esegula kakhulu kodwa umculo wakhe bawujabulela.

Lesi sihlabani somculo weGospel sithi lo mkhuhlane waqinisa esecula noSifiso Ncwane emcimbini weThobela FM Praise and Worship Annual Music Festival eyayisezinkundleni zaseLaerskool Burgersfort eLimpopo ngoMgqibelo odlule.

“Ngilandela uSechaba, ngicula kukubi impela kungavumi, nasemzimbeni ngiphelile kodwa ngaziqinisa. Angikwazanga ngisho ukubingelela noSifiso, sagcina ngokuphakamiselana izandla kanti sesiyavalelisana,” kusho uLundi.

Related posts

Leave a Comment