UZuma udlulise awenduduzo kulandela ukushona kowabhala iFreedom Charter

Isambane News Jacob_Zuma_2014_cropped UZuma udlulise awenduduzo kulandela ukushona kowabhala iFreedom Charter  Isambane

Umengameli Jacob Zuma ngoMgqibelo uzwakalise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaBeata Lipman owaloba iFreedom Charter ngo-1955.

ULipman udlule emhlabeni ngoLwesine eGoli eneminyaka engu-88 ubudala.

“Kuhlezi kubuhlungu ukulahlekelwa yiqhawe lomzabalazo elifana noLipman.

Kwesinye isitatimende uMengamel we-African National Congress Women’s League, uBathabile Dlamini naye udlulise awenduduzo ngokudlula kukaLipman.

Indodakazi yaleli qhawe, uJane Lipman, ithe unina ubengemuhle empilweni emasontweni ayishumi adlule ngenxa yamanxeba amabi okusha abenawo.

ULipman wayeyingxenye yemashi yabesifazane ngo-1956 eyayibheke e-Union Buildings.

Related posts

Leave a Comment