Umengameli Zuma ufisela abantu bakuleli amaholidi anokuthula

Isambane News Jacob_Zuma_2014_cropped Umengameli Zuma ufisela abantu bakuleli amaholidi anokuthula  Isambane

UMengameli Jacob Zuma usefisela abantu baseNingizimu Afrika amaholidi anokuthula, agcwele intokozo futhi abantu baphumule kamnandi.

Umengameli uzochitha amaholidi esemzini wakhe eNkandla, esigodini saKwaNxamalala.

Okhulumela iHhovisi likaMengameli uBongani Ngqulunga uthe uZuma uzoqhubeka nomsebenzi wakhe, uma kunesidingo semihlangano ephuthumayo, uzoyibambela emzini wakhe eNkandla.

Eminye imicimbi azoyihambela kula maholidi kubalwa umqhudelwano webhola lezinyawo iMsholozi Soccer Tournament, eShowe, ngoMgqibelo kuthi ngeSonto ahambele umcimbi wamaNxamalala Trust, okungowomndeni lapho usuke uhlonipha khona ubabamkhulu wawo iNkosi Matomela, eMpendle.

Kulindeleke ukuba aphinde ahambele umqhudelwano we-chess ngomhlaka-20 Disemba uzobanjelwa eSibusisiwe Hall, eMandeni.

Ngomhlaka-24 uzohambela uKhisimusi wezaguga eSavannah Park ngaseChatsworth, eThekwini, kuthi ngomhlaka-27 ahambele iJacob Zuma RDP Education Trust Senior Citizens’ Christmas Party ezoba seMnyakanya Secondary School Sports Ground, eNkandla.

Ngomhlaka-29, umengameli Zuma uzosingatha iJacob Zuma RDP Education Trust Youth and Children Christmas Party.

Related posts

Leave a Comment