IDISTRUCTION BOYZ ICACISA NGENGOMA “OMUNYE

Isambane News images-4-300x300 IDISTRUCTION BOYZ ICACISA NGENGOMA "OMUNYE  Isambane

Andizo Mthembu –

Iqembu laKwamashu eThekwini elidume ngokudlala umculo wegqomu iDistruction Boyz ehlanganiswe uQuinton Thobani Mthembu no Zipho “Goldmax” Mthembu sebephumele obala bacacisa ngengoma yabo eshisa izikhotha kulezinsuku ethi “omunye phezu komunye”,iDistruction Boyz ibe nengxoxo ekhethekile naleliphephandaba nalapho beveze ukuthi ingoma yabo “omunye” imayelana nomdlalo wokugxuma omunye abe ngaphezu komunye umuntu,abalandeli baleliqembu sebeyihlaziye ngezindlela ezehlukene lengoma ,kanti iDistruction Boyz ithi lokhu kuzofakazelwa ukuthi isetshenziswe kwenye yezindawo ezidumile zokuzivocavoca kanti futhi ne Video abazoyikhipha bathi izobe igqugquzela ukudlala kanye nokujima,nokuyinto egwema izifo nokunye okuningi emzimbeni womuntu.

Abathandi balengoma “omunye” bathi angeke bengabaze uma ihlukanisa unyaka.

UQuinton no Goldmax baqale ukuhlangana ngesikhathi besafunda ndawonye ePrimary nalapho babehlala edeskini elilodwa.

Leliqembu liphinde laveza ukuthi imali yokuqala abayithola ngokudlala uR1000 nalapho bahlukaniselana uR500.

IDistruction Boyz isizakhele ugazi nakwabanye abaculi abahlonishwayo kuleli njengoba isikhiqizele abanye abaculi umculo osezingeni eliphezulu esingabala uBabes Wodumo,Dj Maphorisa,Dj sox kanye no Tipcee.

KuIsambane News images-4 IDISTRUCTION BOYZ ICACISA NGENGOMA "OMUNYE  Isambanebhekwe lukhulu kulamaholidi esibheke kuwona kuleliqembu njengoba kuzozonke izindawo zobumnandi uzobe ufica kudlalwa igqomu elididiyelwe ileliqembu.

Related posts

Leave a Comment