INKINGA EQENJINI LEMARITZBURG UNITED

Isambane News images-3-300x300 INKINGA EQENJINI LEMARITZBURG UNITED  Isambane

Andile Mthembu – Iqembu le Maritzburg United kubonakala likhungethwe izinkinga eziningi kulezinsuku njengoba iphikwa imiphumela emihle emidlalweni ye Absa Premiership kanti iphinde yawashiswa ijezi ekuseni kumkhumulajezi weTelkom Knockout iqembu le Platinum Stars ngolwesihlanu eHarry Gwala Stadium.

Emidlalweni eyisishiyagalombili iTeam of Choice isanqobe imidlalo emibili kuphela nalapho yashaya iqembu le Platinum Stars ngo 2-0,yaphinde yashaya iqembu le Ajax Cape Town ngo 2-0 mhlaka 23 August 2017 nalapho khona yagcina khona ukuwina.

Ezika Fadlu Davids izolo zishaywe ngo 1-0 yiqembu le Bloemfontein Celtic negoli elivalelwe phakathi u Jacky Motshwegwa.

Isambane News images-3 INKINGA EQENJINI LEMARITZBURG UNITED  IsambaneUkushaywa kweTeam of Choice izolo lokho kubabeke endaweni yeshumi nantathu kwiligi ngamaphuzu awu 9,umdlalo olandelayo we Maritzburg United izotholana phezulu ne Polokwane City mhlaka 21 November 2017.

Related posts

Leave a Comment