LIKHIPHE INGOMA NGO BABES WODUMO ELIKAMASKANDI

Isambane News FB_IMG_15096471728197061-300x300 LIKHIPHE INGOMA NGO BABES WODUMO ELIKAMASKANDI  Isambane

Andile Mthembu –

Iqembu likaMaskandi elingaconsi phansi kubalandeli babo “Ozungezwayo” sebephenduke amaqhawe ngengoma yabo eshisa izikhotha ethi “Babes Wodumo”lengoma kubonakala ithokozelwa abantu abaningi njengoba emcimbini eminingi bajwayele ukuthi lengoma bayidlale,Ozungezwayo bathi banesifiso sokuthi izingoma zabo ziphinde zidlalwe emsakazweni omkhulu Ukhozi fm njengoba emisakazweni yomphakathi izingoma zabo zidlalwa,leliqembu likhulume naleliphephandaba ngesikhathi kunomcimbi omkhulu kaMaskandi ngoMngqibelo odlule “Ukuthula Maskandi Festival” ubuhlelwe inyanga u-Andile “Mzimbokhala imali” Dlamini.

Ozungezwayo badlala kulomcimbi baze abalandeli bacela impinda njengoba babeshaya into ecokeme estage.

USphelele Mnyandu oyilunga laleliqembu uthi banesifiso esikhulu sokuthi umculo wabo uthuthuke waziwe abantu abaningi endimeni kaMaskandi,leliqembu selikhiphe amaAlbum amathathu njengoba ukucula laqala ngonyaka ka 2015,isihloko sengoma kwi Album yokuqala sasithi “Buz’qolo”eyesibili abayikhiphe ngo 2016 isihloko se Album sasithi “ungijwayela kabi” ,kulonyaka bakhipha enye i Album ethandwa ngabantu kakhulu isihloko sithi “Babes Wodumo”,uMnyandu uthi kukhona i-Album abazoyikhipha maduzane ezothokozelwa abathandi bakaMaskandi.

Ozungezwayo sebedlale emcimbini emikhulu kaMaskandi esingabala ,imvunge Maskandi Festival, Ingqwele Maskandi Festival,Ukuthula Maskandi Festival kanti futhi bazobe bekhona kumcimbi omkhulu kaMaskandi”Khuphuka nezakho Maskandi Festival” ohlelwe uNgelo v ngoMngqibelo mhlaka 4 November 2017 enkundleni yezemidlalo eThekwini eCurriesfontein.Isambane News FB_IMG_15096471728197061 LIKHIPHE INGOMA NGO BABES WODUMO ELIKAMASKANDI  Isambane

Related posts

Leave a Comment