“KUZOBE KULUHLAZA INKUNDLA YONKE KUSASA”-KHUZANI

Isambane News FB_IMG_15096997059328006-240x300 "KUZOBE KULUHLAZA  INKUNDLA YONKE KUSASA"-KHUZANI  Isambane

Andizo Mthembu –

Sekusele usuku olulodwa kuphela ukuthi zibulalane ngengoma kumcimbi omkhulu kaMaskandi ohlelwe uLungelo “Ngelo v” Vilane obizwa ngeKhuphuka nezakho sibone inkunzi festival,nalapho kuhloswe khona ukuthuthukisa amaciko, osukwini lwakusasa ezinkundleni zezemidlalo eCurries Fountain, eThekwini nalapho khona kuzobe kubekwe isiteki sika R100 000 esizohamba nomculi onabalandeli abazobe besenkundleni.

UKhuzani Mpungose osephenduke iqhawe endimeni kaMaskandi ngezindodo azinqobayo uthi osukwini lwakusasa impela kuzobe kubusa umbala oluhlaza (blue) kwazise ezakhe zizobe ziphelele ngobuningi bazo,”kulomcimbi kuzobe kuluhlaza inkundla yonke,akekho ongazi ukuthi ezakwaGuqa kazifuni lutho,ngakho ngithi bonke abathanda iNdlamlenze mabayovikela isihlalo senkosi yoMaskandi,”kusho uKhuzani.

Kulomcimbi wakusasa abalandeli bazovotela umculi abamthandayo afake ivoti ebhokisini elizobe libhalwe igama lalowo mculi.
.UMculi ozowina uzogoduka no R100 000 nemali yokudlala esiteji eseceleni,ngonyaka odlule iqembu elanqobayo kwaba yiqembu laMageza Amahle nalapho lamuka no 25 000 kwazise abalandeli babo babebaningi.

Isambane News FB_IMG_15096997059328006 "KUZOBE KULUHLAZA  INKUNDLA YONKE KUSASA"-KHUZANI  IsambaneAbaculi abazobe bekhona kulomcimbi singabala ,uMjikijelwa,Mthandeni,Qhosha,Majotha,Sgwebo sentambo,aBafana bakaMngqumeni,Mfezemnyama,Malahle nabanye abaningi.

Related posts

Leave a Comment