“SOJABULISA ABALANDELI NGE TELKOM “- TSHABALALA

Isambane News images-5-300x203 "SOJABULISA ABALANDELI NGE TELKOM "- TSHABALALA  Isambane

Andile Mthembu –
Uthembisa abalandeli be Kaizer Chiefs uSimphiwe Tshabalala othi akanalo ngisho uvalo oluncane ngalesisicoco njengoba iqembu lakhe Amakhosi azotholana phezulu ne Chippa United kuma Quarter Final osukwini lwangesonto ngo 15:30 eNelson Mandela Bay Stadium.

IChiefs izoya kulomdlalo nje kumdlalo odlule weligi badlale ngokulingana neqembu le Polokwane City ngo 0-0 ngolwesibili ePeter Mokaba Stadium.

UTshabalala emuva komdlalo ekhuluma nabezindaba uthe kubalulekile ukuthi bejabulise abalandeli babo ngokuthatha isicoco se Telkom Knockout kanjalo nesisoco se Absa Premiership kwazise ukunqoba indebe bagcina ngonyaka ka 2014/15 bethatha iligi kanye ne Mtn 8,”siyakuqonda ukuthi abalandeli bahlale befuna sinqobe kodwa ngeke unqobe yonke imidlalo,nokho ngendlela isimo esiyisona manje isithunzi sethu sibuyile,kasisahlulwa noma ikanjani,ukubuyelwa isithunzi sethu kwenza ngingabi nalo uvalo lokuthi iTelkom yiyona nkomishi esizojabulisa ngayo abalandeli bethu ngalesizini siyayifuna futhi sizoyilwela,”kusho uShabba.

Lomdlali ukhuluma kanjena nje ubiziwe kwiqembu lesizwe iBafana Bafana ezodlala neqembu leSenegal emidlalweni emibili yokuhlungela indebe yomhlaba nokuyimidlalo ezocacisa ukuthi iNingizimu Afrika iyaya yini kwiNdebe yomhlaba eRussia.

Khonamanjalo umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela uzwakalise okukhulu ukujabula ngokubizwa kukaShabba kwelesizwe njengoba ethe uBaxter unesizathu sokuthi ebize lomdlali kwazise usebenzile naye kwiChiefs”,into engingayisho wukuthi uShabba useke wasebenza noStuart phambilini,uStuart ukhaliphile kakhulu,ubengeke ambize uma engazi ukuthi uzomsebenzisa kanjani,uShabba kumfanele ukudlala kwelesizwe,”kusho uKomphela.

Isambane News images-5 "SOJABULISA ABALANDELI NGE TELKOM "- TSHABALALA  IsambaneuTshabalala uzotholana nozakwabo kwelesizwe u-Itumeleng Khune ababambisene kahle naye enkundleni.

Related posts

Leave a Comment