UMTHANDENI USEHOXILE KUMCIMBI OSE CURRIES FONTEIN

Isambane News 23032608_539328383072507_2044575072160191464_n.jpg-300x300 UMTHANDENI USEHOXILE KUMCIMBI OSE CURRIES FONTEIN  Isambane

Andizo Mthembu – Isambane News 23032608_539328383072507_2044575072160191464_n.jpg UMTHANDENI USEHOXILE KUMCIMBI OSE CURRIES FONTEIN  Isambane

Umculi kaMaskandi uMthandeni “gcokama elisha”Manqele ngeke esaba yingxenye yomcimbi osukwini lwakusasa ohlelwe uNgelo V eCurries Fontein,eThekwini nobizwa ngokuthi “Khuphuka nezakho sibone inkunzi festival”.

Ukuhoxa kwegcokama elisha kulomcimbi kulandela ukungafiki esivumelwaneni semali nomhleli womcimbi,kanti ekhasini likaFacebook iGcokama elisha libhale ukuthi kunzima ukusuka eGoli uzodlala kude ekubeni ungeke ukhokhelwe,”ave kubalulekile ukuthi abantu abasebenza ngathi thina baculi bathembeke kuthina ukuze nomculo wethu uzohlonipheka nokusebenzisana kube kuhle,kunzima ukuyodlala mahhala emcimbini usuka eGoli ngopetrol wakho uye lekude ngoba unothando ngabantu kanye nomculo wesintu ekugcineni uhlukumezeke,abalandeli abazazi izingqinamba esibhekana nazo futhi angeke sakuxoxa konke ngesikhathi esisodwa,ngakhoke ngiyaqonda futhi angiphatheki kabi uma ngithola amaSms nezingcingo ezingicela ukuthi angiye emcimbini engingakhokhelwe kuwona nakuba ngingeke ngiphumelele niyongixolela,ningizwe kahle angisho ukuthi angeke ngeza uma ungicela kahle ukuthi ngizojabulisa abantu emcimbini,mhlasimpe ubuyisela emphakathini futhi ungaxhasiwe lapho ke ngiyafika,”kusho uMthandeni.

Elinye iqembu eselihoxile Amageza amahle ngenxa yokungakhokhelwa nabo imali yabo yaphelela yangonyaka odlule kwazise ibona abawina.

Umculi ozobe ehamba nabalandeli abaningi kusasa uzogoduka no R100 000.

Related posts

Leave a Comment