BAKHUMBULE AMAZWI KAMEYIWA BEKHISHWA KWITELKOM

Isambane News images-7-300x206 BAKHUMBULE AMAZWI KAMEYIWA BEKHISHWA KWITELKOM  Isambane

Andizo Mthembu –
Bakhala ezimathonsi abalandeli be Orlando Pirates ngokubona iqembu labo liphuma kumqudelwano we Telkom Knockout cup nalapho khona beshaywe ngo 4-2 iqembu le Polokwane City sekukhahlelwa amaphenathi,umdlalo uphele ngo 2-2 nokungamagoli epirates avalelwe u Ntshisekele Nyauza no Mpho Makola,awe City avalelwe phakathi uRendani Ndou.

Ukuphuma kwe Orlando Pirates kulomqhudelwano kushiye abalandeli be Orlando Pirates bebuzana bodwa ngokuthi lokhu okwakushiwo ubaba kaSenzo Meyiwa ukuthi iPirates ngeke ize ithole lutho okuyisicoco uma izikhulu zingafuni ukulungisela indodana yakhe izimali kwazise uMeyiwa ushone esengunozinti oseqophelweni eliphezulu kwiPirates nakwi Bafana kodwa izimali zakhe azikalungi namanje.

uSam Meyiwa wafunga wagomela ukuthi angeke iPirates izinuke iziNdebe uma izikhulu zingayilungisi imali yendodana yakhe,uMeyiwa ubekusho lokho nje iPirates ihluleke yancama ukungena kwi Top 8 ngesizini ephelile obekungokokuqala emlandweni kwenzeka lokhu.

Abalandeli beZimnyama bebeveza imibono ehlukene ezinkundleni zokuxhumana kanjalo nasemsakazweni ngokungalungiswa kwezimali zikaSenzo Meyiwa esezenza umthelela omubi eqenjini nokushiwo ubaba kaSenzo ukuthi iPirates ayilungise imali yendodana yabo ukuze iqembu liphumelele.
Isambane News images-7 BAKHUMBULE AMAZWI KAMEYIWA BEKHISHWA KWITELKOM  Isambane
imiphumela ye Telkom Knockout isiyonke:Bidvest Wits 1-0 Baroka fc
Orlando Pirates(2)2-2(4)
Platinum Stars 1-2 Bloemfontein Celtic.

Related posts

Leave a Comment