IQEMBU LE AFROSOUL LICACISA NGENGOMA YABO NOKHUZANI “INKOMO YAMI”

Isambane News FB_IMG_15101276785922628-300x300 IQEMBU LE AFROSOUL LICACISA NGENGOMA YABO NOKHUZANI "INKOMO YAMI"  Isambane

Isambane News FB_IMG_15101408597531301 IQEMBU LE AFROSOUL LICACISA NGENGOMA YABO NOKHUZANI "INKOMO YAMI"  IsambaneIsambane News FB_IMG_15101276785922628 IQEMBU LE AFROSOUL LICACISA NGENGOMA YABO NOKHUZANI "INKOMO YAMI"  Isambane

Isambane News FB_IMG_15101277015942620 IQEMBU LE AFROSOUL LICACISA NGENGOMA YABO NOKHUZANI "INKOMO YAMI"  Isambane
Andizo Mthembu –

Iqembu le Afrosoul elihlanganise abantu abathathu okungu Sabelo Ngema oyindodana kaMbongeni Ngema,Surgent Malishe,kanye nentokazi yasoThongathi uThandeka Zulu odume kakhulu kumdlalo kamabonakude “Uzalo” bakhiphe ingoma ethi “inkomo yami”esiphenduke ukudla kwasekuseni nasemini nantambama eMsakazweni eyahlukahlukene kanjalo nasezinkundleni zokuxhumana, lengoma i-Afrosoul iyishaya ngokuhlanganyela nesihlabani sikaMaskandi uKhuzani “indlamlenze “Mpungose.

USabelo Ngema ekhuluma naleliphephandaba osukwini lwayizolo ucacisile ngale ngoma yabo “inkomo yami”nalapho eveze khona ukuthi intombi ifike ithandane nabafana abaningi ekugcineni isiyadideka ukuthi empeleni ubani lona oyikhulelisile isihamba zonke indawo ifuna inkomo yehlawulo”,lengoma mfethu icacisa ngokungaziphathi kahle kwentombi nayo egcina idideka ekutheni ubani oyonile,iqala kangcobo,iyekanxumalo manje ifika kumina nami futhi ngiyayiphika ngithi ayiye kozama kwezinye izindawo ngoba mina akukho engihlanganisa nakho mhlampe izogcina imtholile umfana omonile,”kusho uNgema.

UNgema uphinde wathi bakhethe uKhuzani Mpungose kulengoma ngoba bayazi ukuthi ungumuntu owuthandayo umsebenzi,uzimisele,kanti futhi nentsha eningi iyamlandela,”sihlangane ngo 2014 noKhuzani sajwayelana sihamba imicimbi eyahlukahlukene naye ,sibe sesimcela ukuthi khona ingoma esithanda ukuthi ayikhiphe nathi akacithanga sikhathi wasukumela phezulu njengoba wagibela ibhanoyi wafika la eThekwini,ingoma sayiqeda nje ngosuku olulodwa,”kusho uNgema.

Leliqembu le Afrosoul liphinde laqopha umlando kulonyaka liyomela iTheku kumcimbi omkhulu we Essence Festival phesheya kwezilwandle e-United State of America e-New Orleans,nalapho khona bafike bagila izimanga nokuhambo lolu uNgema aluchaze njengempumelelo yabo.

I-Afrosoul iphinde yaqinisekisa ukuthi Abathandi baleliqembu bazobhema bakholwe ngoDecember njengoba umcimbi oba minyaka yonke “Tongaat Beach Festival”nakulonyaka ozoba khona nalapho khona uNgema ewuchaze njengozoba sezingeni eliphezulu kakhulu,”kulonyaka sizoba nawo umcimbi “Tongaat Beach Festival”sisahlela zonke izinto abaxhasi abanye sesibatholile engabala Sport and Recreation, sisazama futhi abanye ukuthi bebe yingxenye,kanti ngaqinisekisa ukuthi kulonyaka abaculi esizoba nabo uDj Happy Gal,Naime kay,Khuzani Mpungose,Mbuso Khoza,kanti abanye abakaqinisekisi kodwa sisabazama,”kusho uNgema

Kulonyaka lomcimbi uzobe uhanjelwe uMazwi odl

Related posts

Leave a Comment