UZONIKEZA ABALANDELI BAKHE U R50 000 UKHUZANI MPUNGOSE

Isambane News FB_IMG_15096997059328006-240x300 UZONIKEZA ABALANDELI BAKHE U R50 000 UKHUZANI MPUNGOSE  Isambane

Andizo Mthembu –
Umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose uhlabene ngemali engongo R100 000 kumcimbi kaMaskandi obizwa ngokuthi “Khuphuka nezakho sibone inkunzi festival”eCurris Fountain, eThekwini ngoMngqibelo ngesikhathi ehlula izimbangi zakhe kubaculi abane ebebengenele umncintiswano ubuvotelwa ngabalandeli.

uKhuzani ubonge izimbangi zakhe ngokunqoba lomncintiswano kanti kukhale amavuvuzela ngesikhathi lomculi emenyezelwa njengonqobile,Indlamlenze libe selisho ukuthi lemali ayiwinile uzoyihlukanisa phakathi,”njengoba ngiwumculi obacabangelayo abantu ngifuna ukuthatha uR50 000 ngiwubuyisele kubalandeli bami bonke ,yinina esenizohlela nezinduna ukuthi nizowenzenjani,”kusho uKhuzani.

Lomculi kulonyaka usewine izindodo eziningi kwimicimbi eyahlukene ,kuMantshontsho Awards wabuya nezindodo ezintathu,wanqoba kuma Sama Awards kanjalo nakuma Life Changers Awards.

Isambane News FB_IMG_15096997059328006 UZONIKEZA ABALANDELI BAKHE U R50 000 UKHUZANI MPUNGOSE  IsambaneIsambane News FB_IMG_15101296380624020 UZONIKEZA ABALANDELI BAKHE U R50 000 UKHUZANI MPUNGOSE  IsambaneKulamaholidi uKhuzani Mpungose ngeke aze akhiphe Album njengoba ejwayele ukukhipha ngephasika kodwa ucela ukuthi abalandeli bakhe beseke lababaculi abakhiphe naye ngokuhlanganyela ingoma lapho singabala iqembu le “Afrosoul”abakhiphe naye ingoma ethi “inkomo yami”nokuyingoma eshisa izikhotha kulezinsuku emsakazweni eyahlukahlukene, sebebonke abaculi abakhiphe noKhuzani Mpungose kulonyaka ilaba :Qhoshangokwenzakwakhe ,Falabo,Izingane zoma,Afrosoul.

Related posts

Leave a Comment