Kugxekwa uhulumeni ngokutholakala kwezidumbu eGoli

Isambane News FB_IMG_15108335443571341-168x300 Kugxekwa uhulumeni ngokutholakala kwezidumbu eGoli  Isambane

Izidumbu ezingamashumi amane nambili zitholakale kumgwaqo uM1 eGoli izolo.Inyunyane iNEHAWU isigxeke uhulumeni ngesigameko sayizolo sokutholakala kwezidumbu.

Imoto ebithwele inqola ebinezidumbu ibisuka esibhedlela iCharlotte Maxeke zihanjiswa emathuneni aseOlifantvlei ukuyongcwatshwa.

Lemoto ebithwele izidumbu iphukelwe isondo yama nse nokuye kwadala isiminyaminya kumgwaqo onguthelawayeka.

iNEHAWU igxeka uhulumeni ngokusebenzisana nezinkampani ezizimele kanti kuvele ukuthi inkampani ezimele ethwala izidumbu iqashwe ukuthi ithuthe izidumbu ngamanani aphansi kwasetsheniziswa inqola engavaleki.

Inyunyane ithi izidumbu zidinga ukuthi ziphathwe ngenhlonipho futhi Isambane News FB_IMG_15108335443571341 Kugxekwa uhulumeni ngokutholakala kwezidumbu eGoli  Isambanekusetshenziswe ezokuthutha ezifanele ezinesithunzi.

Related posts

Leave a Comment