UKHALA NGOKUPHOXWA UMCULI KAMASKANDI UDJ TIRA

Isambane News FB_IMG_15108323577503052-300x300 UKHALA NGOKUPHOXWA UMCULI KAMASKANDI UDJ TIRA  Isambane

Andizo Mthembu –
Kuqubuke omkhulu umsindo phakathi komculi kaMaskandi uMroza Fakude nomculi we Kwaito uMthokozisi Khathi owaziwa ngo Dj Tira,umsindo uqubuke ngesikhathi uMroza Fakude ekhipha i Album yakhe entsha ethi “kopholela ethunjini” nalapho egadle khona uTira no Dj Sox ebasola ngokuthi banomona abafuni ukuthi umculo kaMaskandi uphumelele njengoba uMroza wathatha unyaka ngonyaka odlule ngengoma yakhe eyayithi “sobulala uVann Damme nokuyingoma eyavotelwa abantu abaningi.

Engomeni kaMroza entsha kunezinhlamvu lapho khona uMroza ethi “We Tira nino Sox ninomsindo,kudela owaziyo obaba benu,kudela owazi omama benu ,kwakunani umaskandi ehlukanisa unyaka? singabendlu emnyama sonke kodwa nisibukela phansi ,siyacula nathi,nisibukela phansi,singabantu nathi”,kusho ingoma kaMroza entsha.

uTira osukwini lwanamhlanje ubhale ekhasini lakhe lakufacebook lapho khona eveze okukhulu ukuphoxeka ngokushiwo uMroza,”waze wangiphoxa mkhaya wami Mroza but uyazi wena wenzani …siyakuthanda siyi Durban Finest!all the best with your new song!abangaziyo bayazi ngiwuthanda kanjani uMaskandi but asikho lapho”,kusho uTira.

Isambane News FB_IMG_15108323577503052 UKHALA NGOKUPHOXWA UMCULI KAMASKANDI UDJ TIRA  IsambaneUTira ekhuluma ngokuphoxeka kwakhe kufacebook ngesenzo sikaMroza ube esezidonsela amanzi ngomsele kubalandeli bakamaskandi nalapho khona bebeveza imibono eyahlukahlukene abanye bemthuka uTira bethi unomona ,lababaculi bobabili baxabana nje baqhamuka endaweni eyodwa kwaHlabisa.

Related posts

Leave a Comment