OWOSUTHU ULINDELE UMDLALO ONZIMA NE CHIEFS

Isambane News e8718f46bddb206d950548fa058c9bed-300x172 OWOSUTHU ULINDELE UMDLALO ONZIMA NE CHIEFS  Isambane

Andizo Mthembu –

Umqeqeshi waMazulu fc uCavin Johnson uthi umdlalo wabo wakusasa neqembu le Kaizer Chiefs angeke uze ubelula neze kodwa uyaqinisekisa ukuthi abadlali bakhe bazokwenza konke okusemandleni ukuthi bayawunqoba,”ngeke ngiqambe amanga unzima umdlalo wethu neChiefs kodwa engikwaziyo uyefana neminye imidlalo,abadlali nginesiqiniseko sokuthi bazofela enkundleni,sizokhombisa into yamehlo,sizowalungisa wonke amaphutha esiwenze ngesikhathi sibhekene nayo iChiefs kowe Telkom Knockout ,okubalulekile ukuthi abadlali beqedele umsebenzi phambili uma sebakha amathuba,”kusho uJohnson.

Kulomdlalo wakusasa ozoba se King Zwelithini Stadium ebusuku kusasa kungase kubonakale u-Augustine Ramphele ,Ovidy Karuru kanye no Sedate Ouro Akoriko ebebelimele kodwa njengamanje sebeluleme ngokugcwele,nokuyizindaba ezijabulisa kakhulu umqeqeshi waleliqembu.
.Amazulu fc eza kulomdlalo wakusasa nje emidlalweni odlule bakhishwe kabuhlungu iqembu le Kailzer Chiefs kumqudelwano we Telkom knockout kanti ngaphambi kwalowomdlalo badlala ngokulingana neqembu le Baroka fc kumdlalo we Absa Premiership.

Amakhosi wona azoza kulomdlalo nesilonda okuyothatha isikhathi siphole kwazise bakhishwe kumqhudelwano we Telkom Knockout ngempelasonto nalapho khona ebebenethemba lokuthi bazoya kowamanqamu kulomqhudelwano kodwa iWits yakuqeda nya konke lokho.

Isambane News e8718f46bddb206d950548fa058c9bed OWOSUTHU ULINDELE UMDLALO ONZIMA NE CHIEFS  IsambaneImidlalo ekhona namhlanje nakusasa ye Psl imi kanje:
Cape Town City vs Baroka Fc 18:00
Bidvest Wits vs Mamelodi Sundowns 19:30
Orlando Pirates vs Golden Arrows 19:30
Kusasa:
Free state stars vs Chippa United 18:00
Platinum Stars vs Blomfontein Celtic 19:30
Amazulu fc vs Kaizer Chiefs 19:30
Polokwane City vs Maritzburg united 19:30

Related posts

Leave a Comment