OWOTHONGATHI NETHEMBA LOKUNQOBA KOWABAKHAYA

Isambane News IMG-20171130-WA0005-225x300 OWOTHONGATHI NETHEMBA LOKUNQOBA KOWABAKHAYA  Isambane

Isambane News IMG-20171130-WA0005 OWOTHONGATHI NETHEMBA LOKUNQOBA KOWABAKHAYA  Isambane
Andizo Mthembu –
Umdlali ongaconsi phansi woThongathi fc uJabulani “Khuzani” Mbonambi uvuma ingcindezi kumdlalo wabo wabakhaya neqembu le Real Kings osukwini lwangesonto eKing Zwelithini Stadium ngo 15:30.

UKhuzani uthi kubalulekile ukuthi benqobe umdlalo wabo wangesonto ukuze besuke kulendawo abahleli kuyona esondelene nezembe”ikhona ingcindezi eqenjini njengoba siphikwa imiphumela kulezinsuku, amalungiselelo ahamba kahle kakhulu ,ukuhlala kwethu kunombolo 13 lokho kusifaka ingcindezi yokuthi kumnyama kubomvu kufanele siwine ngesonto ngoba amaqembu alandela emvakwethu siwashiya ngephuzu elilodwa,noma kunjalo amajita ngiyawethemba,”kusho uKhuzani.

UThongathi fc liza kumdlalo wangesonto nje izinto azibahambeli kahle njengoba emdlalweni odlule badlale ngokulingana neqembu le Cape Town All Stars ekuhambeni.

Emdlalweni eyishumi nambili esidlalwe i”Cane Cutters ” isanqobe emibili kuphela, yashaywa imidlalo emine,isadlale ngokulingana kasithupha,kanti uKhuzani uyasho ukuthi bafuna ukuwunqoba umdlalo ongesonto. .uThongathi luhlezi kunombolo 13 ngamaphuzu awu 12.

Ngasohlangothini lwe Real Kings izoza kumdlalo wangesonto isanda kudlala ngokulingana neqembu le Stellenbosch kanti ihlezi kunombolo 5 kwiligi ngamaphuzu awu 18.

Isiyonke imidlalo ye NFD kulempelasonto imi kanje:
Kusasa ngo 15:30 :
Stellenbosch vs Super Eagles

Ngomngqibelo ngo 15:30
Royal Eagles vs Black Leopard
Witbank Spurs vs Jomo Cosmos
Pretoria University fc vs Tshakhuma Tsha Madzivhandila
Richards Bay vs Highlands park
Ubuntu Cape Town vs Cape Town All stars
Ngesonto ngo 15:30
Mbombela United vs Mthatha Bucks
Uthongathi fc vs Real Kings

Related posts

Leave a Comment