IBIDVEST WITS INGOMPETHA ABASHA BE TELKOM KNOCKOUT

Isambane News DQD5jdzX4AAgwPy-300x225 IBIDVEST WITS INGOMPETHA ABASHA BE TELKOM KNOCKOUT  Isambane

Andizo Mthembu –

Sekuwumlando ukuthi manje iqembu lezitshudeni ilona elingompetha abasha be Telkom Knockout ngokushaya iqembu le Bloemfontein Celtic ngegoli elilodwa eqandeni.

Igoli elinqobise iWits livalelwe phakathi nguVincent Pule ngomzuzu ka 89 sekuyophela umdlalo.

Lomdlalo uqale ngegiya eliphansi kakhulu njengoba bekubonakala ukuthi amaqembu athuke womabili kanti nabalandeli kubonakale bezikhathalele kwazise umdlalo uqale ngegiya eliphansi.

Isambane News DQD5jdzX4AAgwPy IBIDVEST WITS INGOMPETHA ABASHA BE TELKOM KNOCKOUT  IsambaneIsiwombe sesibili sibe sezingeni njengoba iCeltic iyona ibidlala kangcono ,ngomzuzu ka 89 lilishonele iCeltic njengoba uPule elibeke enethini ngesithende basala bekhihla isililo .abadlali nabalandeli besiwelele.

Related posts

Leave a Comment