UBUMNANDI BUZOBUZWA ENDWEDWE KWINDAYI NGEMPELASONTO

Isambane News 17342786_1181436621965488_842715335481557219_n.jpg-251x300 UBUMNANDI BUZOBUZWA ENDWEDWE KWINDAYI NGEMPELASONTO  Isambane

Andizo Mthembu-
Kuzobe kushunqa uthuli osukwini lwangomngqibelo endaweni yaseNdwedwe kumcimbi omkhulu obizwa ngokuthi “Indayi home coming festival”nokuwumcimbi ozobe ungowesibili kulonyaka,kanti kulonyaka lomcimbi uzobe ubophele abaculi abaningi bakuleli,kanti amathikithi alomcimbi kubikwa ukuthi adayisa okwamagwinya ashisayo.

Abaculi abazobe beshiyelana inkundla ngomngqibelo ezinkundleni zezemidlalo eNdwedwe singabala uDj Tira,Tipcee,Babes Wodumo,Qhosha,Khuzani,maporisa nabanye abaningi kanti abaphathi bohlelo kuzobe kunguThandeka Zulu obedlala indawo kaNombuso kuZalo,kanti uzobe ebambiseni no Mandla “njinji ” Magwaza woKhozi fm.

Osukwini lwangolwesithathu abahleli bomcimbi kanye neMeya yaseNdwedwe uMnuz Chilli bazohambela indawo yaseNsuze nalapho khona bezobe bezokwenza inhlolokhono yabaculi bephinde bengqungquzele abaculi bendawo ,abaculi abazokwenza kahle bazoba sethubeni lokuyodlala nosaziwayo kwiNdayi Home Coming Festival ngomngqibelo.

Isambane News 17342786_1181436621965488_842715335481557219_n.jpg UBUMNANDI BUZOBUZWA ENDWEDWE KWINDAYI NGEMPELASONTO  IsambaneLomcimbi wangempelasonto kulindeleke ukuthi abantu begcwale inkundla bezozijabulisa,amasango azoqala ukuvulwa ngehora lesithathu ntambama.

Related posts

Leave a Comment