Ubulawe ekade eyokweba nabo

Isambane News unnamed-236x300 Ubulawe ekade eyokweba nabo  Isambane

NomfundoKhumalo

– Ubulawe abehamba nabo bebuya kokweba. UManelisa Hlabisa (23) obefunda e-Charles Sabelo Secondary School, ibanga la 12. Endaweni yase Sobisi ngase Isambane News unnamed-1 Ubulawe ekade eyokweba nabo  Isambane

Isambane News unnamed Ubulawe ekade eyokweba nabo  IsambaneMbumbulu.

Kubikwa ukuthi babange izinto abebezitsotshile okulapho-ke babe sebemgwaza, waphangalala khona endaweni yesigameko.

Ozibonele endaweni yesigameko kutholakale uhlobo lwabamabonakude (plasma) okukholakala ukuthi ingezinye zezinto ebezetshiwe. Kuthiwa umufi nabangani bakhe abangaziwa bebeyokwebela omunye uthisha ofundisa eskoleni sakhe. Igama lakhe ligodliwe,okuthiwa ubengekho ngeskhathi ebelwa impahla. Kube sekuba khona ukungavumelani ngezinto ebezebiwe, okulapho-ke babe sebemgwaza khona.

Umndenikamufiukholelwaukuthiumufiubebophelweugangengobaubewumfanaolungile. Ubenza umatikuletsheni enekusasa eliqhakazile kusho uMalume wakhe Mnu Hlabisa.

Okhulumela abafundi Scelo Qhathwekazi uthe bathukile kakhulu ngokwenzeke kulomfundi, ubewumuntu olungile. Ewenza amaphutha kodwa ubene kusasa eliqhakazile. Okwenzeke kuyena into engafanele yenzeke emphakathini nasezinganeni zesikole

Bekungakaboshwa muntu ngalesigameko kodwa amaphoyisa asaphenya icala lokubulala.

Kuse ekuseni ngomsombuluko esedindilize kanje umufi uManelisa Hlabisa.

Isthombe: Scelo Qhwathekazi

Related posts

Leave a Comment