UKaunda unxusa abaphathi bamatekisi eGoli ukuba babambe izingxoxo zokuthula

Isambane News 172928958aba4ec89292b505adf8312d-300x200 UKaunda unxusa abaphathi bamatekisi eGoli ukuba babambe izingxoxo zokuthula  Isambane

Sibusiso Zondo – Ungqongqoshe wezokuphepha nokuxhunywaniswa komphakathi Kwa-Zulu Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uthe abaphathi bamatekisi eGoli kufanele bazame ukubamba izingxoxo zokuthula ukuze kuzoxazululeka izingxabano ababhekene nazo Egoli ngenxa yokuthi izingxabano zabo sezikapakela esifundazweni Kwa-Zulu Natal.

Ukuphawula kuka Kaunda kuza ngemuva kokuba kudutshulwe kwabulawa abantu abawu 11 izolo ebusuku abebehamba ngetekisi okusolakala ukuthi osomatekisi abebebuya emngcwabeni eMatimatolo e Greytown maphakathi nesifundazwe.Losomatekisi obefihlwa eMdlovane kubikwa ukuthi wabulawa eGoli ngesonto elendlule ngenxa yezinxabano zakhona.

Ungqongqoshe uphinde waveza ukuthi akungaqagelwa kepha akunikwe amaphoyisa ithuba enze uphenyo olunzulu

Umbiko : Sibusiso Zondo intatheli yo Ukhahlamba FM
isithombe: Sicashunwe ku internet

Related posts

Leave a Comment