Uqinisekise amahlebebezi umlingisi

Isambane News WhatsApp-Image-2018-07-24-at-23.41.35-207x300 Uqinisekise amahlebebezi umlingisi  Isambane

Isambane News WhatsApp-Image-2018-07-24-at-23.41.35-207x300 Uqinisekise amahlebebezi umlingisi  IsambaneSamaJobe Zulu – Ujabulise abaningi umlingisi osematheni kulezi zinsuku futhi oyintandokazi kwabaningi. UJessica Nkosi Ugasele enkundleni yezokuxhumana kungazelele muntu izolo kusihlwa, wafaka isithombe enobaba wengane yakhe. Nakuba abaningi bese bazi ukuthi ingane uyizala noNtkokozo TK Dlamini, onguMastermind kuchungechunge lomdlalo wakuSABC1 uZalo. Lokho ubengakaze akuqinisekise, kuzokhumbuleka ukuthi kuqala kuzwakala ukuthi ukhulelwe waveza ukuthi uthanda ukuthula akafuni ukukhuluma mayelana ngokukhulelwa kwakhe.

Izolo ufake isithombe ku-Instagram sabo bobali bese wabhala umbhalo ofundeka kanje: “Abazali…futhi ngiyacela kungani khona ozongibuza ukuthi ubani ubaba wengane yami bakwethu ngiyacela…okokuqala futhi okokugcina nimbona la,” kubhala yena. Lo mbhalo ubuhambisana nothi lesi sithombe sizosuswa, kwase kubhalwa nokuthi abazali ba-Twinkestar. Sihlale amahora angaphezu kwamathathu, sesithandwe abantu abangaphezu kwezigidi ezingamashumi amathathu (30 000). Abantu abaphawule kuso bangaphezulu kuka-1 000.

Related posts

Leave a Comment