LICELE IMIKHULEKO KOGOGO ELE NFD

Isambane News 38292836_698883883783622_2074402730759159808_n-300x200 LICELE IMIKHULEKO KOGOGO ELE NFD  Isambane

Andizo Mthembu –

Iqembu loThongathi FC lizicelele imikhuleko koGogo noMkhulu osukwini lwangoMsombuluko nalapho linikezele ngezimpahla zokulala kanjalo nokudla.

Usihlalo woThongathi fc uVb Chilli uthi benza lokhu ukugubha unyaka kalowo owayengumengameli kuleli uNelson Mandela yingakho behlanganise oGogo noMkhulu ukugubha ndawonye”siwuThongathi fc size lana kubantu abadala ngenhloso yokuzocela izinhlanhla njengoba kuzoqala isizini entsha ka 2018/19, kuke kube Kuhle uma siqala sizicelela izibusiso ukuze sambe ibanga elide kulesizini okunye njengoba kunyaka kaMadiba sithe asibuyisele emphakathini wethu ukuze nawo uzizwe wamukelekile, “kusho uChilli.

UThongathi fc Lenza lokhu nje kade liyingxenye kumqhudelwano we Premiers cup nalapho bekhishwe khona iReal Kings, kanti ompetha kube Amazulu fc eshaya I Richard’s bay ngegoli elilodwa eqenjini.

I Cane cutters kulomcimbi iphinde yathula abadlali babo abasha abangu 12 okungu Isambane News 38232052_698883930450284_8236856888352833536_n-300x200 LICELE IMIKHULEKO KOGOGO ELE NFD  Isambane

Isambane News 38292836_698883883783622_2074402730759159808_n-300x200 LICELE IMIKHULEKO KOGOGO ELE NFD  IsambaneSaziso Magawana, Sifiso Ntjolo, Sadia Roland, John Tshabalala, Pule Mmondi, Francis Baloyi, Tristen Cox, Bafana kali, Thomas Leitsisa, Thapelo Maleka, Luya Mthembu Kanye no Sbongiseni Mthembu.

Related posts

Leave a Comment