UNCOMA UMQEQESHI OMUSHA USHABBA

Isambane News 18157629_1400754933338168_5363235784134112328_n-1-241x300 UNCOMA UMQEQESHI OMUSHA USHABBA  Isambane

Andizo Mthembu – Umdlali weKaizer Chiefs osephenduka idlozi kuleliqembu uSimphiwe Tshabalala uthi ukufika kuka Giovanni Solinas eqenjini laMakhosi lokho kuzokwenza umehluko omukhulu njengoba eseqalile ukuqhamuka nezinto ezihlukile ejimini ezizosiza Iqembu ukuthi lenze kancono ngesizini ezoqala ngoMngqibelo”sizizwa singasabi muntu kulesizini ezoqala, empeleni ungathi sizelwe Kabusha, ukufika kwakhe kuze nomkhulu umehluko eqenjini, “kusho uTshabalala.

Iqembu laMakhosi livule isizini ngomdlalo onzima nalapho khona belibhekane neqembu le Mamelodi Sundowns eFNB Stadium ngehora lesithathu ntambama, kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs ishaywe iSundowns kumqhudelwano we Shell Helix cup emasontweni adlule kanti lomdlalo wangomngqibelo iwona obubhekwe kakhulu abathandi bebhola lezinyawo njengoba kujwayelekile ukuthi lamaqembu mayebhekene womabili amagoli aba maningi.

Lomdlalo obuphakathi kwaMakhosi kanye ne Sundowns uphele ngokulingana:
(Nascimento, pen 25’) Mamelodi Sundowns 1 : 1 Kaizer Chiefs (Mphahlele 8’)

Isambane News 38437953_10157797511004517_4242461840497442816_n-300x169 UNCOMA UMQEQESHI OMUSHA USHABBA  IsambaneIsambane News 38208526_10157788591729517_8264108829508108288_n-300x169 UNCOMA UMQEQESHI OMUSHA USHABBA  IsambaneIsambane News 18485759_1919292731662514_3042787621924000877_n-222x300 UNCOMA UMQEQESHI OMUSHA USHABBA  IsambaneAbsa Man of The Match: Khama Billiat

Related posts

Leave a Comment