KUHLUKENE IMIBONO NGO WAYNE SANDILANDS KWIPIRATES

Isambane News goalkeepers-wayne-sandilands-players-orlando-pirates-brandon-barnard-photographer-DSC855b-274x300 KUHLUKENE IMIBONO NGO WAYNE SANDILANDS KWIPIRATES  Isambane

Andizo Mthembu –

Ukushaya udaka kukanozinti we Orlando Pirates Wayne Sandilands ngesikhathi bedlela ne Highlands park osukwini lwangoMngqibelo ikhona okwenza ukuthi Iningi labalandeli lithi akufanele avinjiswe emdlalweni olandelayo ngoba unamaphutha amaningi, uSandilands ushumpuze ibhola elilula aliphaselwe uGladwin Shitolo langena enethini nokuyigoli elenze ukuthi lomdlalo uphele zibambene ngegoli elilodwa ngapha nangapha.

Isenzo sikaSandilands sicasule abaningi njengoba ezinkundleni zokuxhumana abalandeli beZimnyama balibeka ngesihloko elokuthi emdlalweni olandelayo akufanele adlaliswe.

Umqeqeshi wayo iPirates Milutin “Micho” Sredojevic uthi kunzima kakhulu ukwamukela lokhu okwenziwe unozinti wakhe, “kunzima ukwamukela lokhu okwenzekile, ikakhulukazi kuyena ngoba usebenze kanzima kulamasonto adlule, nakumima kube nzima ngoba bengingazi noma ngimkhiphe yini Kodwa okubalulekile manje ukuthi simeseke siqinisekise ukuthi iphutha elinjena alenzeki ngokuzayo, ” kusho uMicho.

Umdlalo olandelayo wePirates izotholana phezulu neqembu leChippa United osukwini lwakusasa eNelson Mandela Bay Stadium ngo 19:30.

Related posts

Leave a Comment