ZIZODLANA IMILALA KOWANDULELA OWAMANQAMU EMTN8

Isambane News mtn8-1-300x225 ZIZODLANA IMILALA KOWANDULELA OWAMANQAMU EMTN8  Isambane

Isambane News mtn8-1-300x225 ZIZODLANA IMILALA KOWANDULELA OWAMANQAMU EMTN8  Isambane

Andizo Mthembu – Ibhekwe ngabomvu imidlalo eyandulela eyamanqamu kwiMtn8 njengoba amaqembu ephumile kulelisonto aqhubekela phambili okuyiSupersport United eshaye i Orlando Pirates ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi e-Orlando Stadium, kwaba iqembu le Kaizer Chiefs elishaye iFree state stars ngamagoli amathathu eqandeni, iqembu lesithathu kube Mamelodi Sundowns elishaye Golden Arrows ngo 2-0, kanti iCape Town City yona izibekele indawo yesine kulomqhudelwano ngokushaya iMaritzburg United ngempelasonto ngegoli elilodwa eqandeni.

Aqhathwe kanje amaqembu azogadulisana kowandulela owamanqamu
Supersport United vs Kaizer Chiefs
Cape Town City vs Mamelodi Sundowns

Isithombe: sicashunwe ku-internet

Related posts

Leave a Comment