INGCINDEZI KUMQEQESHI WE MARITZBURG UNITED

Isambane News default-300x203 INGCINDEZI KUMQEQESHI WE MARITZBURG UNITED  Isambane

Isambane News default-300x203 INGCINDEZI KUMQEQESHI WE MARITZBURG UNITED  IsambaneAndizo Mthembu –

Njengoba iqembu le Maritzburg United lingakaze linqobe ngisho umdlalo owodwa we Absa Premiership selokhu kuvulwe isizini ka 2018/19 lokho sekufake umqeqeshi waleliqembu Fadlu Davids kwenkulu ingcindezi yokuthi anqobe umdlalo wanamhlanje uma iTeam of choice isibhekene neqembu leKaizer Chiefs eHarry Gwala Stadium.

IMaritzburg United iphinde yaphuma kumqhudelwano weMtn8 nalapho ikhishwe iqembu leCape Town City ngesonto eledlule ibashaya ngegoli elilodwa eqandeni.

UDavids uthi isimo abakusona njengamanje asisihle kahle, “isimo esibhekene naso sinzima, asikanqobi lutho obekuyinto esingayilindele, umdlalo we Chiefs ngeke uze ubelula ngoba lapho efika khona ihlala yesekwa Kodwa sokwenza isiqiniseko sokuthi siyawunqoba lomdlalo,” kusho UDavids.

Lomdlalo uzoqala ngo 20h00 namhlanje ebusuku eHarry Gwala Stadium.

Related posts

Leave a Comment