ITHEMBA KUBALANDELI BECHIEFS NGESICOCO SEMTN8

Isambane News 64f001e4b986ccfd816dd03bf33a78e7-300x171 ITHEMBA KUBALANDELI BECHIEFS NGESICOCO SEMTN8  Isambane

Andizo Mthembu –

Umqeqeshi we Kaizer Chiefs Giovanni Solinas uthi unethemba elikhulu lokuthi iqembu lakhe lizongena emdlalweni wamanqamu eMtn8 njengoba osukwini lwayizolo bekwazile ukuthi bebambane ngamagoli amabili nhlangothi zombili neqembu le Supersport united eLucas Moripe Stadium. ukushaya amagoli amabili kweChiefs izolo lokho kubanike ithuba elincono kumdlalo wesibili ozobanjelwa eFNB Stadium.

USolinas uthi bekufanele bewunqobe umdlalo wayizolo Kodwa iqembu lakhe ngesiwombe sokuqala lakhombisa ubugwala obukhulu nokuholele ekutheni lomdlalo uphele ngamagoli amabili nhlangothi zombili, amagoli eChiefs avalelwe phakathi uKhama Billiat ngomzuzu ka 19 kwathi elesibili lavalelwa phakathi uLeonardo Castro ngomzuzu ka 46 kanti aweSupersports United avalelwe phakathi nguBradley Grobler womabili.Amakhosi kubonakale izinto zisabavuna kulomqhudelwano “, Ngijabule ngalomphumela yize besingenza kancono, ngesiwombe sokuqala abadlali bami abadlalanga kahle, isibindi bebengenaso, ngesiwombe sesibili babuyelwe ukuzethemba abafana baqala badlala ibhola elihle,” kusho USolinas.

IKaizer Chiefs osukwini lwangolwesithathu izotholana phezulu neBlomfontein Celtic emdlalweni weligi.

Related posts

Leave a Comment