UKHALA NGOKUMINYANA KWEMIDLALO U-MOSIMANE

Isambane News ab40aaaa122bfbd3c989982d175b19a5-300x171 UKHALA NGOKUMINYANA KWEMIDLALO U-MOSIMANE  Isambane

Andizo Mthembu-

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns Pitso Mosimane uthi ukushintsha kwakhe sonke isikimu osukwini lwangoMngqibelo ngesikhathi beshaywa iqembu leCape Town City ngegoli elilodwa eqandeni koweMtn8 lokho bekumphoqa ngoba imidlalo abayidlalayo isondelene kakhulu ingakho enike abanye abadlali ithuba, iSundowns ibhekene nemidlalo yeligi, Caf Champions League Kanye ne MTN8 ngesikhathi esisodwa kanti osukwini lwangolwesithathu amasandawana azodlala neqembu leHoroya eLucas Moripe Stadium ngo 19h30.iDowns iyakulomdlalo nje kuyabaphoqa ukuthi bewunqobe ukuze badlulele esigabeni esilandelayo kanti kumdlalo wokuqala lamaqembu womabili abambana ngo 2-2,iSundowns ilele endaweni yesithathu kuGroup C ngamaphuzu amahlanu kuthi Horoya yona ilele endaweni yesibili ngamaphuzu awu 8.

UMosimane unxusa abalandeli baseNingizimu Afrika ukuthi bezoseka iqembu labo ngoba kwilona elibamele manje kwiCaf Champions league.

Related posts

Leave a Comment