UXWAYISA IQEMBU LECHIEFS USTEVE KOMPHELA

Isambane News e236bf9c7879439b869961d956ca74c5 UXWAYISA IQEMBU LECHIEFS USTEVE KOMPHELA  Isambane

Andizo Mthembu –

Umqeqeshi we Blomfontein Celtic uSteve Komphela uthi ulindele umdlalo osezingene eliphezulu uma ezakhe sezitholene phezulu neqembu le Kaizer Chiefs osukwini lwangolwesithathu emdlalweni we absa Premiership, uKomphela kuzobe kungokokuqala ebhekana neChiefs selokhu ahlukana nayo kungase kuhle ngesizini edlule nalapho khona wayesethukwa nangabalandeli ngenxa yokuphikwa imiphumela kuMakhosi, kanti lomdlalo kulindeleke ukuthi ubesezingene eliphezulu kakhulu njengoba uSteve efuna ukuzibonakalisa kwiChiefs ukuthi ayikho into abamxoshela yona . noma Kunjalo uKomphela uthi iChiefs uyihlelele ngendlela efanele njengoba abadlali abaningi uyabazi ukuthi badlala kanjani njengoba esebenzile nabo.selokhu kuvulwe isizini iqembu lesiwelele alikaze lishaywe ngisho umdlalo owodwa.

UGiovanni Solinas ocija iChiefs uthi balindele umdlalo onzima kwiCeltic njengoba isefomini enhle kulezinsuku.

Related posts

Leave a Comment