Error

Kushone abalandeli be-ANC abahlanu engozini yebhasi eLimpopo

UMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi eLimpopo uthi isibalo “esingaqinisekisiwe” sabantu abahlanu bashonile kulandela ingozi eyenzeke ku-R71, eMakgoebaskloof ngaphandle kwaseTzaneen.

Ingozi yenzeke ezintatha zangoMgqibelo.

Imibiko yokuqala ikhomba ukuthi amabhasi amathathu abelandelana ngesikhathi ibhasi lesithathu lishayisa elesibili ngemuva lagingqika langena emhosheni.

Amabhasi abethwele amalungu e-ANC asuka esifundeni iMomolele SubRegion, ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iCapricorn.

Okhulumela uNgqongqoshe uVongani Chauke uthi imibiko engaqinisekisiwe ikhomba ukuthi bangu-5 abashonile engozini, kanti abagibeli abaningi bathole ukulimala.

“Abagibeli abalimele badluliselwe ezibhedlela esifundeni saseMopani. Umgwaqo uvaliwe njengamanje njengoba abezimo eziphuthumayo nabatakuli besusa indawo yesigameko, kanti eminye imininingwane izonikezwa ngokuhamba kwesikhathi.”

UChauke wengeza ngokuthi uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi, uFlorence Radzilani, nabanye abaholi bakahulumeni bazovakashela izisulu ezibhedlela ezahlukene esifundazweni.

“Uzobe ehola ithimba labaholi bakahulumeni okubalwa uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt. Phophi Ramathuba, iMeya yesiFunda saseMopani, uClr Pule Shayi, iMeya kaMasipala waseMomolele, uClr Edward Paya, nabanye abaholi bakahulumeni njengoba bazovakashela indawo yengozi kanye neziguli ezibhedlela ezahlukene.”

Kunxuswa abashayeli ukuthi basebenzise eminye imigwaqo.

Isithombe: Sicashunwe ezinkundleni zokuxhumana

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE