Error

Inkulu impi phakathi kukaMfundisi Israel Jay Senior kanye noMphostoli Musa Mohlala

Abefundisi ababili, uMfundisi Israel Jay Senior kanye noMphostoli Musa Mohlala basempini

Impi phakathi kwalabafunfudisi ababili isimuncu kangangokuba omunye usesola omunye ngokuthi ungumfundisi mbumbulu!

Umfundisi Jacob Dube,owaziwa ngelika-Israel Jay Senior,usephumele obala wathi owayengumngani wakhe uMusa Mohlala uthandazela ababuthaka nabampofu ukuthi akhiphe imali kubo.

Uthe uMohlala unama-agent aqoqa imininingwane ngabantu abasontayo ngaphambi nangesikhathi senkonzo, abamfunzayo ukuze abukeke sengathi unamandla okuphrofetha.

“Inkonzo iqala phakathi kuka-9 ekuseni no-10 ekuseni kanti bachitha cishe amahora amahlanu bedayisa amafutha, usawoti, amanzi nokunye,” kusho uDube. Uthe uMohlala ungene esontweni ngezithuba zabo-2:00 ngemuva kokuchitha ihora ehhovisi lakhe, ebambe ngekhanda imininingwane abemnike yona.

“Njengoba egcina imininingwane ocingweni lwakhe,ubeka ucingo lwakhe epulpiti neBhayibheli ukuze abe nolwazi lapho uma ekhohlwe izinto ezithile,”kusho uDube.

Uthe la ma-agent enze izingxoxo ezingahlelekile nabantu benganakile ukuze uMohlala enze sengathi ukhuluma noNkulunkulu.Enkozweni ebiseShekainah Healing and Apostle Mohlala Ministries eKapa ngeSonto mhlaka-1 Meyi,uMohlala ubonakale ecela abazalwane bakhe ukuthi bafake u-R300 etsheni.Kwasabalala i-video yalesi sigameko,kwaholela ekutheni abaningi babuze ukuthi ngabe ungumphrofethi ngempela yini.

UMohlala uthe kwamphatha kabi kakhulu ukusolwa uDube njengoba ubembona njengomfowabo futhi ubengakaze alindele ukuthi uzokhashelwa nguye.

Uthe wamthatha uDube wamdlisa ukudla engenalutho ngo-2021.

UMohlala uthe uDube usanda kucela ukuphatha abesilisa ababili abasebenzisa igama lakhe ukuqola abantu.Kuthiwa bebethembisa ukulapha abantu abane-Aids ngo-R15 000

“Ngemuva kwaleyo ngxoxo wangifonela wangifuna u-R300 000 ethi uzoqamba amanga ngami,” usho kanje.

UMohlala uthe abantu bamxwayisile ngoDube kodwa wamnika ithuba.

“Ngangingazi ukuthi ngisiza inyoka,” esho.

Umfundisi Israel ekhasini lakhe likaFacebook uthe “uMphostoli Mohlala uthi kungu-R100 ukugcoba umqamelo welungu lebandla.Uswayipha imali noma umnikeze ngokheshi”

“Enye yezindlela eziningi uMohlala azisebenzisayo ukwenza imali. Uvula izinkonzo zomqamelo lapho etshela abalandeli bakhe ukuthi beze nemiqamelo esontweni ukuze abagcobe ukuze baphuphe amnandi”.

“Kwesinye isikhathi kuba yinkonzo yamakha,kwesinye isikhathi kuba yinkonzo yomshanelo ebatshela ukuthi beze nemishanelo ukuze abakhulekele”, kusho uMfundisi Dube owaziwa ngelika Israel.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE