Error

Inja endala kunazo zonke emhlabeni ife ineminyaka engu-31

UBobi,inja endala kunazo zonke emhlabeni, ife ineminyaka engu-31 ubudala e-Portugal, njengoba kuqinisekiswe ngokusemthethweni yiGuinness World Records ngoMsombuluko.

U-Bobi, isilwane ebesithandwa kakhulu u-Rafeiro Alentejano,Ukuphila kuka-Bobi iminyaka engu-31 nezinsuku ezingu-165 kwenze irekhodi elimangalisayo, elaligcinwe kusukela ngo-1939 ngenja yase-Australia, eyaphila iminyaka engu-29 nezinyanga ezinhlanu.

Nakuba u-Bobi ephile ngaphezu kwazo zonke izinja emlandweni, izinsuku zika-Bobi ezingu-11,478 emhlabeni zazingeke zanele kulabo ababemthanda. UKaren Becker, udokotela wezilwane owaba nelungelo lokuhlangana noBobi izikhathi eziningi, ube ngowokuqala ukumemezela ukudlula kwakhe ezinkundleni zokuxhumana, evalelisa u, “Godspeed, Bobi.”

UBobi uzuze isicoco sokuba inja endala kunazo zonke emhlabeni ngoFebhuwari walo nyaka.Uhlobo ayekulo,ngokwesiko elaziwa ngokuthi izinja ezilusa izimvu, ngokuvamile luphila iminyaka engu-12 kuya kwengu-14. Umnikazi ka-Bobi, u-Leonel Costa, uthi kube yintokozo kuye ukuphila isikhathi eside kwesilwane sakhe esifuywayo U-Bobi.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE