Error

Ugogo oneminyaka engu-62 usebudlelwaneni nomfana oneminyaka engu-16

Ugogo oneminyaka engu-62 ubudala usebudlelwaneni nomfana oneminyaka engu-16 ubudala l.

Ugogo oneminyaka engu-62 ubudala waseZimbabwe usebudlelwaneni nomfana oneminyaka engu-16 ubudala futhi bahlala ndawonye

UGogo, 62, ukuqinisekisile ukuthi ngempela usothandweni futhi usebudlelwaneni nomfana oneminyaka engu-16. Sebethandane iminyaka emibili.

Ugogo echaza ukuthi ubudlelwano babo baqale kanjani uthe:

“Ngangimthuma umfana ukuthi ayongithengela izinkuni namanzi, ngizomkhokhela. Kamuva ngabona ukuthi anginandoda; owami wadlula emhlabeni. Ngakho ngamthatha umfana ngaqala ukuthandana naye. Ngamcela ukuthi atshele abazali bakhe ukuthi usenentombi,kodwa abazali bakhe banqaba futhi babefuna nokungishaya.”

Lowesifazane wengeze ngokuthi umfana, ogama lakhe linguClever, wavimba abazali bakhe ukuba bamshaye. Wabe esetshela isithandwa sakhe esineminyaka engu-16, ubudala ukuthi ufuna ukumshada.

Abasebenzisi benkundla yezokuxhumana bazwakalise ukushaqeka ngobudlelwano obungajwayelekile.

Buka ivideo kagogo ngezansi lapho echaza kabanzi ngobudlelwane bakhe.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE