Error

Kutholwe izidakamizwa zenani lika-R2billion eLimpopo

OKlebe sebevundulule ama-laboratories ayishumi angumshoshaphansi ezidakamizwa kuleli, abopha abantu abangu-34 kusukela kuqale lo nyaka.

NgoLwesihlanu, abasolwa abane, okuhlanganisa nomnikazi wepulazi kanye nababili abadabuka eMexico, baboshwe epulazini eliseGroblersdal, eLimpopo.

Kutholwe ilabhorethri yomshoshaphansi ebiza izigidi zamarandi kanye nezidakamizwa ezingabiza u-R2 billion.

“Uphiko loKlebe eLimpopo bathole imininingwane ngezenzo ezisolisayo ezenzeka epulazini, elase selisebenza,” kusho okhulumela oKlebe uKatlego Mogale.

“Kuseshwe izindawo ezine, kwatholwa inqwaba yamakhemikhali asetshenziswa uma kukhiqizwa izidakamizwa ezingekho emthethweni, okubalwa i-acetone ne-crystal meth, enenani elilinganiselwa ku-R2 billion.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE