Error

IKhabhinethi likahulumeni KwaZulu-Natal izobamba iLekgotla

IKhabhinethi likahulumeni wobumbano wesifundazwe saKwaZulu-Natal (PGU) ngoLwesibili lizoba nomhlangano eThekwini lapho kuzodingidwa khona izinto ezibalulekile esifundazweni.

Ngokusho kwehhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, umhlangano obuye ubizwe ngokuthi yi-lekgotla yekhabhinethi uzoqhamuka “nohlelo lokusebenza kwefundazwe kwehlandla lesikhombisa”.

I-lekgotla izosebenza njengenkundla ebalulekile yokuhlela amasu futhi izocubungula uHlelo Lokuthuthukiswa komphakathi.

Umhlangano uzophinde uhlole ukuqaliswa kwezinhlelo ezibalulekile, futhi ubeke umkhombandlela ocacile wezinyathelo ezizayo.

Ngaphandle kwamalungu eKhabhinethi yesifundazwe, umhlangano uzophinde uhanjelwe yizikhulu eziphezulu zikahulumeni, amakhansela kamasipala kanye nezikhulu zezinhlaka zikahulumeni esifundazweni.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE