Error

Isigcawu sikaZuma sokuqondiswa kwezigwegwe kwe-ANC kulindeleke ukuthi siqhubeke namuhla

Iqembu loMkhonto weSizwe likuqinisekisile ukuthi lowo owayengumengameli uJacob Zuma uzovela emhlanganweni wekomidi le-ANC lokuqondiswa kwezigwegwe namuhla.

Isicelo se-MK Party esokuthi kuqulwe icala mathupha eLuthuli house.

I-ANC yamangalela uZuma ngesinqumo sakhe sokukhankasela nokuvotela i-MK Party ngesikhathi sokhetho lukaMeyi.

Iqembu le-MK likhiphe isitatimende izolo ebusuku litshela abalandeli beqembu ukuthi bangayi eLuthuli House bamise umbuthano wabo obuhleliwe ngaphandle kwekomkhulu le-ANC eGoli ngoba uZuma uzobe engekho.

Iqembu liphinde libhekisele esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe njengenkantolo yekhangaru.

Ukulalelwa kwecala kuhlehliswe ngeledlule ngemuva kokuthi uZuma ecele ukuthi ukuqulwa kwecala kuvezwe esidlangalaleni. UZuma akazange alubhade esigcawini kanti ubemelwe yilungu le-ANC uTony Yengeni.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE