Error

Sebeneminyaka engaphezu kuka-30 behlala endlini yangasese yesikole

Izithandani esezikhulile sezineminyaka engaphezu kuka-30 zihlala emathoyilethi esikole iBasani Primary, nendodana yabo eneminyaka engu-30 ubudala eSoweto.

Igumbi labo lilinganiselwa kumamitha angu-8 ubude namamitha angu-6 ububanzi libe nekhethini phakathi nendawo elihlukanisa ikhishi nendawo yokulala enganela umbhede owodwa kuphela.

Lena impilo u-Abiel Mophunya,oneminyaka engu-83 ubudala, umkakhe u-Agnes, oneminyaka engu-73 ubudala, kanye nendodana yabo egulayo uTebogo, eneminyaka engu-29 ubudala, abayiphila nsuku zonke kusukela ngaphambi kokuqala kwentando yeningi. “Ingxenye embi kakhulu yokuphila kwethu kwansuku zonke yilapho omunye wethu egeza; abanye kumele balinde ngaphandle emakhazeni… Kubangcono ngesikhathi sasehlobo,” kusho u-Agnes.

Umndeni uthuthele kulesi sikole ngo-1991 ngemuva kokuthi umnikazi womuzi owawuhlala kuwo eProtea South ubacele ukuba bahambe.

“Umngani wami owayesebenza eBasani uyena owasikhulumela nothishanhloko ngaleso sikhathi ukuze abavumele ukuba bahlale emathoyilethi amadala angasetshenziswa,” kusho u-Abiel.

UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu neNgqalasizinda uthembisa ukusilungisa isicelo sendlu yomxhaso sabo sika-1996
sika Abiel Mophunya noMahobo Agnes Mophunya. Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-30 behlala emathoyilethi esikole iBasani Primary, nendodana yabo eneminyaka engu-30.

Umthombo: https://opera.news/news/228d15e1240726en_za?q=Zinhle%20takane

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE