Error

I-ANC izosingatha Inkonzo Yesikhumbuzo Yowayengungqongqoshe uPravin Gordhan

I-ANC izosingatha Inkonzo Yesikhumbuzo Yowayengungqongqoshe uPravin Gordhan

I-African National Congress (ANC) izobamba inkonzo yesikhumbuzo yalowo owayenguNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni uPravin Gordhan eGoli namuhla ntambama. Inkonzo kulindeleke ukuthi iqale ngo-16:00 e-Johannesburg City Hall.

UGordhan, oshone ngoLwesihlanu eneminyaka engu-75 ngenxa yomdlavuza, ubezungezwe umndeni, abangani namaqabane ngesikhathi eshona. Selokhu kumenyezelwe ukudlula kwakhe emhlabeni, bekulokhu kugeleza izincomo, kubungazwa umlando wakhe kanye nemizamo yakhe ebalulekile yokulwa nenkohlakalo.

Ukubonga amagalelo akhe uMengameli Cyril Ramaphosa usenikeze uGordhan umngcwabo oyisipesheli ngokwesigaba 2. Umngcwabo uzokuba seNkosi Luthuli International Convention Centre eThekwini, KwaZulu-Natal, ngoLwesine, bese ulandelwa wukushiswa kwesidumbu ngasese.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE