Error

IMeya yaseNewcastle izovakashela imindeni yababulawe amaqembu ezigelekeqe Osizweni

IMeya yaseNewcastle izovakashela imindeni yababulawe amaqembu ezigelekeqe Osizweni.

Kulindeleke ukuthi namhlanje imeya yaseNewcastle uCllr Xolani Dube ivakashele imindeni yababulawe ngempelasonto oSizweni ezigamekweni okusolwa ukuthi yizigelekeqe ezihlukumeza umphakathi.

Kuzophinde kubanjwe umhlangano nomphakathi wasoSizweni ngokubambisana namaphoyisa nazo zonke izinhlaka ezimele umphakathi esiteshini samaphoyisa Osizweni.

Kubikwa ukuthi umphakathi usuphila ngokwesaba kulandela ukwenzeka kwezigameko ezihlalise kabi umphakathi.

Emuva kwezigameko zakamuva zokubulalana ezenzeke Osizweni ngempelasonto edlule, iMeya kaMasipala waseNewcastle kanye noSihlalo wama-SALGA eKZN Cllr DX Dube bazovakashela imindeni yabashonile. Ukuvakasha kuzophetha ngokuBambisana noMphakathi,ukuvakasha kuhlelwe kanje:

Usuku: 17 Septhemba 2024

*Isithangami:*

Isikhathi: 9am
Indawo: Osizweni Police Station Boardroom (bese usuka lapho uyovakashela emakhaya)

*Ukuxhumana Komphakathi* :

Isikhathi: 10am
Indawo: Osizweni High School Sports Ground.

IMeya izojoyinwa nguSomlomo Ohloniphekile waseNewcastle, uCllr TM Zulu, amaKhansela ahloniphekile, uKhomishana weSifunda wakwa-SAPS uMaj Gen Alexander kanye nezikhulu eziphezulu ze-SAPS kanye nezikhulu zoMnyango wezokuPhepha komphakathi.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE