Error

Kushone abantu ababili ngesikhathi kushayisana itekisi neveni ku-N3 e-Ashburton

Kushone abantu ababili ngesikhathi kushayisana itekisi neveni ku-N3 e-Ashburton

Namuhla ekuseni, iKwaZulu Private Ambulance Service iphendule ku-N3 Ashburton ngemibiko yokushayisana.

Ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bathole ukuthi kushayisane iveni netekisi. Ngokusho kofakazi,umshayeli weveni uhlulekile ukuyilawula yabe isiwela phakathi kwezimoto ebeziqhamuka kuyo, yashayisa itekisi, itekisi yaphaphalaza yaphuma emgwaqeni yehla umqansa.

Abezimo eziphuthumayo bahlole ngokushesha indawo yesigameko bathola ukuthi umuntu oyedwa ulimele kabi. Naphezu kwayo yonke imizamo, kuthiwe ushonele endaweni yesigameko. Abanye ababili-2 bathole imihuzuko emibi.

Abalimele balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuba bahanjiswe esibhedlela ukuze baqhubeke nokwelashwa.

Ngokudabukisayo, umuntu oyedwa ubelimele kabi futhi ushonile ngaphambi kokuthi kufike abezimo eziphuthumayo.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE