Error

Umculo weHip Hop eNingizimu Afrika usuphinde wambozwa yifu elimnyama kulandela ukudlula emhlabeni kuka DJ waseNingizimu Afrika u-Tumi Mooi odume ngelikaDJ Dimplez.

Imithombo itshele abezindaba ukuthi lo DJ weMetro FM udindilize emzini wakhe watholwa umngani wakhe endlini yakhe ngemuva kwamahora.

Uphuthunyiswe esibhedlela kodwa kwatholakala ukuthi useshonile endaweni yesigameko.

“Kuyashaqisa lokhu njengoba izolo ebengumqemane futhi enomoya omuhle. Angiqondi ukuthi kwenzekeni,” kusho omunye umthombo oshaqekile.

Omunye umthombo uthe lo DJ ushaywe wuhlangothi olungatheni.

Ukushona kwakhe kuza ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kungcwatshwe umculi waseNingizimu Afrika uRicky Rick.

WP Radio
WP Radio
OFFLINE LIVE