Namhlanje kubungazwa izimpilo zalabo abashona emkhumbini

Isambane News 16832130_1875322892685959_7907172130005448928_n-225x300 Namhlanje kubungazwa izimpilo zalabo abashona emkhumbini  Isambane

Namhlanje kuzobungazwa izimpilo zamadoda angaphekwa 600 ashona ngenkathi kucwila umkhumbi we SSMendi njengalokhu namhlanje kuphela iminyaka eyikhulu kwenzeka lesisigameko.

Umkhumbni we SS Mendi kwakungumkhumbi wase Brithani wokuthwala abantu owakhiwa ngonyaka ka 1905 wabe usucwila kwashona abantu abaningi ngonyaka 1917.
Amadoda ayegibele kulomkhumbi kwakungawakuleli lengabade elibangise eFrance ukuyosiza ku world war one.

Ngokwengxenye yombungazo kunomcimbi ozobanjelwa esifundazweni sakwa Zulu natal eThekwini ezinkundleni zemidlalo e Moses Mabhida bese kuthi ngomhlaka 25 eSoweto kube nomcimbi ozobanjelwa emathuneni aseAvalon lomcimbi uhlelwe umongameli womakadebona bombutho wezamasosha ebambisene nosomlomo kudolobha laseGoli u Vasco Da Gama.
Isikhumbuzo seminyaka eyikhulu nokubekwa kwezimbali kuzokwenziwa e SS Mendi memorial.
Lombungazo kubungazwa asmasosha ayenesibindi aseningizimu Africa anikela ngomsebenzi wabo ku world war one bazidela baze bacwila nomkhumbi ngenyanga ka Nhlangulana mhla zxingamashumi amabili nanye izinsuku ngonyaka ka 1917 ngehora lesihlanu.

Isambane News 16831840_1875255069359408_7639058629754804802_n Namhlanje kubungazwa izimpilo zalabo abashona emkhumbini  Isambane

Related posts

Leave a Comment